INkantolo Ephakeme yasePitoli isimemezele izigaba zoMthetho Wezempilo Kazwelonke, onikeza uhulumeni amandla okunquma ukuthi odokotela bangenza kuphi, ngokuphambene nomthethosisekelo. Icala belifakwe yinyunyana yabasebenzi iSolidarity.
Okhulumela iSolidarity, uDirk Hermann, uthe lesi sinqumosikahulumeni sishaya indiva insika okusekelwe kuyo uMthetho Womshuwalense Wezempilo Oyimpikiswano.
“Ungqongqoshe wezempilo kanye nomengameli kumele babhekane nezindleko zomthetho zeSolidarity. Lesi sinqumo siphinde sisho ukuthi nezinye izingxenye zoMthetho we-NHI kungenzeka ukuthi azikho emthethweni.”
UHermann uthi izigaba 36 kuya ku-40 zoMthetho Wezempilo Kazwelonke, lapho uhulumeni engaba namandla okunquma ukuthi odokotela bangenza kuphi, azivumelekile ngokuphelele.
“Lesi sinqumo siwumphumela omkhulu embonweni we-NHI njengoba umgomo wokuphatha okumaphakathi kuyinsika ewumgogodla woMthetho we-NHI uqobo.
“I-NHI ngendlela ekuyo ngeke ikwazi ukuqaliswa njengoba umongo we-NHI kuwukuhlela okuyisisekelo – futhi lokhu manje sekutholwe kuphambene nomthethosisekelo.”