Basadidekile abafundi abalinganiselwa emashumini asikhombisa abebenza iziqu zokuba ngama Speech Therapist bethola ukuthi iziqu zabo azikho ezingeni lokuphasiswa ngabebhodi lezempilo i- HPCSA.
Labafundi abese befunde iminyaka emine (4) bebe yingxenye yalabo abafake izicelo zokuba umnyango wezemfundo ubagunyaze ukuba bahambe bayokwenza umsebenzi womphakathi( community work) njengoba kwenzeka uma beqeda ukufunda kodwa bahlangane nembibizane njengoba bethole izindaba ezibuhlungu zokuthi angeke bakwazi ukugunyazwa ngenxa yeziqu zabo.
Akukacaci ukuthi umnyango ikhona na indlela ezokwazi ukubabhekelela ngayo ukuze bakhone ukuthola izinqu ezizogunyazwa.