Kube nenjabulo kubafundi nothisha basesikoleni i-Amazizi high school bavakashwela umeya womkhandlu uThukela namuhla ekuseni.
Imeya yomkhandlu uThukela Inkosi Ntandoyenkosi Shabalala uhambele lesikole esingesinye sezenza kahle kakhulu ngaphansi kukamaspala wasoKhahlamba. Umeya ubephethe izipho okubalwa izicathulo kanye nokunye okuningi.
Kanti iMeya iphinda yaphathela abafundi abahlala ngaphakathi ehostela lesikole izijunjana ezinazo zonke izinto okugugeza.
Inkosi uShabalala ekhuthaza abafundi uthe, “siqonda kahle ukuthi abafundi abaningi basemakhaya yibona ababa nezinselelo. Kodwa sinethemba ngalesi sizukulwane ukuthi yisona esiyoba yikusasa lalesi sizwe.”
Imeya iphinde yathembisa abafundi ukuthi kusukela manje kuyaphambili sebenobudlelwane obuhle nesikole saseMazizini.
Kanti inkosi yesizwe sakwaMiya ihluleke nawukuzibamba ibona izipho zidluliswa kubafundi. Inkosi ithe iyabonga kakhulu kumkhandlu wasoThukela noMeya inkosi u Shabalala ngokukhumbula isizwe saKwaMiya.