Uphume ngobuningi umphakathi wase Watersmeet eZimbuzini emkhulekweni obuhlelwe amakhansela endawo.
Ukhansela Ganert Zikalala kanye no khansela uSanele Msimanga bahlele umkhuleko nemindeni eyakhahlanyezwa izikhukhula kanjalo nomaspala wase Alfred Duma izolo.
Lomkhuleko uhanjwelwe umeya kamaspala iAlfred Duma uMnu Zama Sibisi.
Ekhumula nama bandla akuhlukene uMeya uthe uyafisa ukuthi uhulumeni engabona iqhaza elibanjwa emabandla nabefundisi emiphakathini abahlala kuyona.
” kuse nhlizweni yami ukuthi ngelinye ilanga abefundisi bathole umihlomulo njengamakhosi, izinduna kanye namakhansela. Abafundisi benza umsebenzi omkhulu emiphakathini ngoba uma behambele umuzi othize beyokhuleka babona isimo esingekho kahle yibo abazama ukuthi isimo sibengcono.
Amakhosi nezinduna namakhansela bayahola kodwa abafundisi nabo benza imsebenzi emihle esizweni abatholi lutho, uthi kodwa uma abantu bengenza isiqiniseko sokuthi bavota kahle nabo bayoyithola imihlomulo kusho u Sibisi.
Kanti uKhansela uGanert Zikalala ubonge wonke umphakathi obe yinxeye yalenkonzo abe esefisela wonke amabamdla ukuthi angaqhubeke abambisane ukuthuthukisa umphakathi nesizwe.