Iqembu elisanda kusungulwa UMkhonto Wesizwe Party oThukela ukhathazekile ngezikhukhula ezishaya ziphindelela edolobheni lase Mnambithi. Sekungunyaka wesithathu lo izokhukhula zilimaza osomabhizinisi nemizi yabantu abakhele idolobha lase Mnambithi.
Umgqugquzeli weqembu eMnambithi uMnuz Nathi Mthethwa kanjalo namalunga alo iqembu namuhla bahambele amabhizinisi, i Renke
yamatekisi kanye nase-Illing Road, ngenhloso yokuzwa izinkinga zabantu abathintekayo uma kunalezi khukhula.
Osomabhizinisi abahlukene bavumelena ngazwilinye bathi uhulumeni kanjalo nomaspala abayeke ipolitiki nokukhombana ngemino kodwa beze nezixaluzulo bacabangele umnotho kanjalo nemisebenzi yabantu.
Kanti uMthethwa uthi lokhu okushiwo osomabhizinisi nomphakathi bayakuzwa futhi basazohlala phansi bakubheke bese beza nezixazululo ukuze umnotho wedolobha ungeke ulahleke.