UNOBHALA-jikelele we-African National Congress (ANC) uFikile Mbalula uthe iqembu lizosimemezela maduze isinqumo salo mayelana nodaba lwalowo owayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, ukuthi eseke enye inhlangano yezepolitiki nakuba eseyilungu le-ANC.
UMbalula ubekhuluma nabezindaba emva komhlangano wokuqala wekomidi eliphezulu leqembu eMbombela, eMpumalanga ngoLwesihlanu ntambama.
Ngenyanga edlule, uZuma umemezele inhloso yakhe yokukhankasela iqembu elisanda kusungulwa loMkhonto weSizwe esikhundleni se-ANC ngaphambi kokhetho lukazwelonke.
Umthetho 25 womthethosisekelo we-ANC uthi izinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe zingabekwa kunoma yiliphi ilungu leqembu elijoyine noma leseka enye inhlangano yezepolitiki engahambisani neqembu.
Sekuphele amasonto amathathu uZuma ezwakalise ukuhambisana neqembu elisanda kusungulwa loMkhonto weSizwe kodwa useyilungu le-ANC.
UMbalula uthe ekupheleni kosuku umthethosisekelo we-ANC uzosebenza.
“Sonke singamalungu, siyalingana ngaphambi kwe-ANC, ngakho akekho umholi ophakeme ku-ANC.”
Uthe i-ANC ilinde isikhathi esifanele ukuthi imemezele isinyathelo sayo esilandelayo mayelana nesinqumo sikaZuma sokukhankasela elinye iqembu.