Unobhala we African National Congress eJosiah Gumede Region uBonga Hlomuka uvule indlulu yesakhamuzi saseMbuzweni namuhla.
Umkhulu uMboza Zwane wase Gudlintaba eMbuzweni ngonyaka ophelile wathenjiswa ANC eJosiah Gumede iholwa unobhala wayo u Bonga Hlomuka ukuthi izomakhela indlu enesithunzi.
Umkhulu ubehlala endlini engekho esimeni esingahlala umuntu eseminyakeni yakha futhi ibisingawa noma yinini lendlu.
Umkhulu uMboza uthi wayengabathembi labafanyana ngoba bancane futhu wayengazi nokuthi bazowathathaphi amandla okwakha indlu ngoba kuhlula abamnumzane ukwakha.
Uthi Wesuleke izinyembezi ngakwenzelwe uHlomuka nethimba lakhe uyabonga kakhulu ngesenzo sabo.
Kanti usihlalo we ANC eMbuzweni uNtokozo Ndaba uthi usezolala nobuthongo ngaba indlu kamkhulu uMboza isiphelile naye usuzofana nawo wonke umuntu.