UMengameli uCyril Ramaphosa kanye noNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo uSiviwe Gwarube banikezwe izincwadi zomthetho mayelana nezigaba ezimbili eziphikisanayo zoMthetho Ochitshiyelwe Wemithetho Yemfundo Eyisisekelo. I-Solidarity, i-AfriForum kanye ne-Solidarity Support Centre for Schools bathathe izinyathelo zomthetho ngezigaba zenqubomgomo yokusethsenziswa kwezilimi ezikoleni zakueli.
Bathi uRamaphosa noGwarube banezinsuku eziyishumi zokuxazulula lenkinga noma isiyohlangana enkantolo
Umongameli ugunyaze ukusebenza kwalo Mthetho ngokuphelele ngoDisemba, ngemuva kokubambezeleka kwezinyanga ezintathu zokubonisana ngemibandela ephelelwe yisikhathi.
Esitatimendeni, lezi zinhlangano ezintathu ezingaphansi kweSolidarity Movement zithi uRamaphosa wenza ngokungafanele nokuphambene nezivumelwano azenza noGwarube ngesikhathi ethatha isinqumo.
UMnuz Kallie Kriel wale nhlangano uthi bavumelene nongqongqoshe neHhovisi likaMengameli ukuthi kuzomiswa ukusebenza ngokugcwele kwalomthetho ngenxa yokungabikho kwemigomo nemibandela.
“Ukumemezela kukamengameli umthetho iBela Act ngokugcwele, kanjalo nongqongqoshe wezeMfundo awusayinda, kuyisenzo sokuhlukumeza ukufundisa ngolimi lwebele, ikakhulukazi ezikoleni zesiBhunu nasezinganeni,” kusho uKriel.
“Okokuqala, sizothatha izinyathelo zomthetho mayelana nokumenyezelwa. Sikholwa ukuthi akunangqondo… ngeke kuqaliswe uma ingekho imikhuba nemigomo efanele.”