NgoLwesihlanu kulindeleke ukuthi kuhlangane okokugcina kuleli sonto iJudicial Conduct Tribunal ukuze iqhubeke nokulalela ubufakazi obubhekene noMengameli wamaJaji ase-Eastern Cape, uSelby Mbenenge.
Inkantolo iphenya ijaji eliphezulu ngemuva kokusolwa ngokuhlukumeza ngokocansi isisebenzi esisebenza ngaphansi kwalo.
U-Andiswa Mengo usola iJaji ngokumphathaphatha nokumthumelelaizithombe ezihlambalazayo ezigamekweni ezenzeka phakathi kuka-2021 no-2022.
UMengameli wamajaji kuthiwa wathumele izithombe ezingcolile kunobhala wenkantolo enkulu futhi saphinde sathintathinta lona wesifazane ngendlela engafanele.
U-Mengo ubehluleka ukuzibamba izinyembezi bezivele zehle ngesikhathi ethula ubufakazi izolo ngolwesine.
UMengo uzobuyela esihlalweni sofakazi ngoLwesihlanu.