Umnyango umemezele kuleli sonto ukuthi omazisi abadala bazophelelwa wumsebenzi ekupheleni konyaka.
Ngonyaka odlule, uMnyango uthe abasebenzisi bomazisi abaluhlaza babhekene nengozi enkulu yokukhwabanisa.
UMnuz Sanele Mthethwa waseDurban North uthi kuzotheleka izakhamuzi okungenzeka zingakwazi ukuzisingatha uMnyango wezaseKhaya.
“Cabanga manje ukuthi bangaki abantu abazoya kwahome affairs beyofuna omazisi abahlakaniphile, kanti kuzokwenzekani njengoba abantu befika mihla namalanga. Uyawathemba lawo masistimu? Angicabangi kanjalo.”
U-Andile Tsotetsi waseHammarsdale uthi ukhathazekile ngokulinda kolayini abade, phakathi kwezinye izinto.
‘Okungivimbayo ukuthi ngishintshe umazisi wami wukuthi ngishaye ulayini ngibhekane nabasebenzi abadelile bakwaHome Affairs. Kodwa-ke, ngicabanga ukuthi akukho engingakwenza manje, ngakho-ke kuzofanele ngithathe usuku lokuphumula ngilwenze ngaphambi komnqamulajuqu.”
We facing problem at home affairs
* Long queue
* Lost of network
* Struggling to book on line
Akasenzise mahala coz asinamali