Inhlangano eholwa uZwakele Mcwango i -Action SA kwisifundazwe sakwaZulu-Natal yenze obekungalindelekile ngemuva kokuthula usomqulu wezithembiso zokhetho egoli ngempelasonto.
Lenhlangano ivakashele umndeni ka Thembeka “Nomarally” Dliwako ongawese Mgungundlovu kodwa ofunda eMnambithi.
I-Action SA ithole ukuthi uThembeka uhlala nobabekazi wakhe ongasebenzi kwaphinde kwavela nokuthi nabazali bakaThembeka abasekho.
uThembeka uzakhele udumo kakhulu ngokuhambela ama Rally amaqembu ahlukene abeseMoses Mabhida Stadium eThekwini.
uMcwango ne-Action SA bahambe naye uThembeka ukuya kwiRally ye-Action SA ebiseGoli ngempelasonto esibuya kuyona.
kanti uThembeka ubonge ukuvakashelwa I-Action SA ekhaya yaphinda yabaphathela nezipho okubalwa izijunjana zokudla.
uThembeka uthi kusho kukhulu lokhu okwenziwe I ActiionSA kuye nomdeni wakhe babonga abaphezi.