KWETHULWE USONKONTILEKA OZOKWAKHA IBHULOHO ELACEKELEKA PHANSI NGENXA YEZIMVULA E-MPOPHOMENI

UMeya kaMasipala waseMngeni, uMnu Chris Pappas, kanye neKhansela lakuWadi 8, uZine Dlamini kanye nouMnu Buthelezi oyiNduna yendawo,bethule ngokusemthethweni usonkontileka ozokwakha ibhuloho eliholela endaweni yaseTownview ngaseMpophomeni. Ngokusho kukaMasipala lomsebenzi kulindeleke ukuthi uphothulwe ngoJuly kulonyaka. Kanti futhi lomsebenzi uyingxenye yokulungiswa kwengqalasizinda eyalimaka yacekeleka phansi ngemuva kwenhlekelele eyadalwa izimvula ezinamandla kumaWadi ahlukene.UMeya uPappas unxuse izakhamuzi ukuthi ziqinisekise ukuthi…

Read More

KUBANJWE UMHLANGANO WOKUKHULISA IMIZAMO YEZOKUXHUMANA NAMAKHOSI KUMASIPALA UMFOLOZI

Ugcizelele eyokuxhumana nokubambisana nemikhandlu yamaKhosi uMeya kaMasipala waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu, ngenkathi uMeya amakhansela kanye neMenenja kaMasipala uMnu Fred Mazubuko benomhlangano noMkhandlu weNkosi uMthethwa eDondotha namuhla. Inhloso yalo mhlangano bekungukuqinisa amaxhama okuxhumana phakathi kukamasipala nomkhandlu wenkosi ukuze intuthuko ifinyelele ngendlela emphakathini.UMeya uBhengu uthe kubalulekile ukuthi kube nokusebenzisana phakathi kwamakhosi nomasipala ngoba umasipala uza nentuthuko kanti…

Read More

UNGQONGQOSHE WEZOLIMO UHLANGANE NABADAYISI BEMFUYO ESIFUNDAZWENI KZN

UNgqongqoshe woMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya, uNkk Thembeni kaMadlopha-Mthethwa, uhlangane nabadayisi bemfuyo ukuze kusungulwe ubudlelwano bokusebenzisana okuhloswe ngakho ukuqinisekisa ukuthi iyalandelwa imithetho evimbela ukuhambiswa kwemfuyo ezindaweni ezahlukene ngenxa yokubhebhetheka kwesifo samatele.lomhlangano ububanjelwe eDurban Marine Building. Lezingxoxo bezigxile esiphakamisweni sezinkampani ezizimele,zokuba bavunyelwa ukudayisa imfuyo nezindali. UNgqongqoshe,ube esekugcizelela ukuthi umkhakha kumele uhambisane nemithetho elawula ukuhambiswa kwemfuyo ezindaweni…

Read More

AMAPHOYISA ANXUSA UMPHAKATHI UKUBAMBA IQHAZA EKUHLELENI UKUPHEPHA E-KZN

Amaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) aseqalise uhlelo lokubandakanya umphakathi waKwaZulu-Natal, lapho iziteshi zamaphoyisa eziyi-11 zizovakashelwa ithimba likazwelonke kuleli sonto. Lolu hlelo luhlose ukuthola imibono yabantu mayelana nokuthi bafuna ukuphathwa kanjani ngokuphepha ezindaweni zabo. Okhulumela amaphoyisa, uColonel Robert Netshiunda, uthi ukubamba iqhaza komphakathi kubalulekile ekwakheni ukwethenjwa, ukuqinisekisa ukubekwa phambili kwezinkinga ezifana nodlame lwasekhaya nezidakamizwa, kanye nokwenza amaphoyisa…

Read More

KUHLALE UMHLANGANO OBHEKELELE IZITELEKA NGAPHANSI KOMKHANDLU WASENKANDLA

Emhlanganweni wekota yesithathu wekomidi elibhekele izimbangela nezixazululo zeziteleka ezenzeka eNkandla jikelele okuyi Municipal Rapid Response Task Team,kuvele ukukhathazeka ngemibhikisho ethinta ukunganeliseki komphakathi ngemigwaqo emikhulu esezingeni lesifundazwe engekho esimeni esihle,okwenza kuphazamiseke nokufunda nokufundisa ezikoleni kanye nokusebenza komnyango wezeMpilo, Lelikomidi elihlanganisa izinhlaka ezahlukene okubalwa uMnyango wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu (COGTA), ezokuphepha (SAPS) okuhlanganisa namaphoyisa omgwaqo libe nomhlangano…

Read More

UMEYA KUMASIPALA UMHLABUYALINGANA UTHEMBISE UKWESEKA IMINDENI YEZISULU EZINE EZISHONE ENGOZINI ENYANTISA IGAZI EMSHANELWENI

UMasipala wakaMhlabuyalingana,obuholwa uCllr T.S Khumalo, ehambisana nokhansela waseWard 18 uCllr B.I Biyela kanye noMphathi kaMasipala uMnz N.P.E Myeni, bavakashele imindeni emine eshonelwe ngamalungu ayo engozini yemoto enyantisa igazi eyenzeke ngoLwesihlanu ebusuku endaweni yaseMshanelweni ku-R22. UMeya uvakashele umndeni wakwaTembe, umndeni wakwaMdluli, umndeni wakwaMakhanya kanye nomndeni wakwaMkhabela, lapho ahlangane khona nemindeni ebhekene nobuhlungu bokulahlekelwa. Ube esedlulisa amazwi…

Read More

KUZOCACA NAMUHLA NGEKUSASA LEMEYA YASENEWCASTLE

UMeya waseNewcastle uMhlonishwa uXolani Dube ubhekene nengcindezi enkulu njengoba amakhansela e-ANC efake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe. UDube ubuye abe ngunobhala we-IFP KwaZulu-Natal. Namuhla kulindeleke umhlangano womkhandlu eFarmers Hall lapho kuzodingidwa khona lezi ziphakamiso. Phakathi kwazo kukhona esethulwe uCllr Ndebele we-ANC, esihlose ukumkhipha esikhundleni sobumeya ngenxa yezinsolo zobuholi obungasathembakele. Kukhona futhi nesiphakamiso sokuthi kwenziwe i-lifestyle audit…

Read More

UMENGAMELI WETHULE UHLELO LOKUNXEPHEZELA IZISULU EZALAHLEKELWA IMIZI NGESIKHATHI SODLAME NGAMA 80’S NANGAMA 90’S

UMENGAMELI WETHULE UHLELO LOKUNXEPHEZELA IZISULU EZALAHLEKELWA IMIZI NGESIKHATHI SODLAME NGAMA 80’S NANGAMA 90’S Kwethulwe uhlelo lokunxephezela izisulu ezalahlekelwa amakhaya azo ngodlame lwangama 80’s nangama 90’s olwaziwa ngeTruth and Reconciliation Commission housing assistance reparations nolwenziwa uDepartment of Justice, loluhlelo belubanjelwe eSonkombo Sportsfeild eNdwedwe manhlanje, Ekhuluma kulomcimbi UMongameli Cyril Ramaphosa ukuqinisekisile ukuzibophezela kukahulumeni ekuletheni usizo lwezindlu kulabo…

Read More

KUKHUTHAZWE UKUHLANZEKA KWEDOLOBHA LASE-NKANDLA NAMAPHETHELO

IMeya yaseNkandla uCllr NFJ Nzuza osukwini lwanamhlanje ihambisana noSomlomo, iMeneja kaMasipala,abaQondisi , amaKhansela kanye nabasebenzi abangaphansi kohlelo lwama EPWP bakhuthaze ukuhlanzeka kwedolobha laseNkandla nezindawo ezilakhele. UMnyango wakwa Economic Development, Tourism and Environmental Affairs kanye neZemvelo Wildlife bebekhona kulomkhankaso. Ekhuluma uMeya uncome kakhulu abasebenzi nabaphathi babo okuyibona ababheke ukuhlanzeka kwedolobha usuku nosuku ngokuzimisela kwabo, uveze nokuthi…

Read More

UMEYA KAMASIPALA WASE-MNGENI UHLOLE UHLELO LOKUTHUTHUKISA AMAKHONO ENTSHA KWEZOLIMO

UMeya kamasipala waseMngeni ukhansela uChris Pappas uvakashele isikhungo Institute for Cooperatives and Community Economic Development esiseMerrivale ukuhlola inqubekela phambili ohlelweni oluxhaswe yilomasipala ngezimali oluthuthukisa amakhona entsha ukuze ikwazi ukubanamakhono okuqashwa noma iziqalele amabhizinisi ayo. Loluhlelo, lucija intsha eqhamuka ezinkalweni zonke zaseMngeni.kanti uhambo lwanamhlaje lukaKhansela uPappas belubheke kakhulu intsha engamashumi amabili eqhamuka emaWadini ahlukene eMngeni nefakwe…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved