KUXOXISWANE NGOHLELO LWEZAPHULELO ZAMANANI ENTELA YOMHLABA EMAFUSINI E-DANNHAUSER

UMasipala waseDannhauser ubambe umhlangano wokuxoxisana nomphakathi mayelana nohlelo lwezaphulelo zamanani amarates, njengengxenye yokuzibophezela kwawo ukukhuthaza ukukhokhwa okufanele kwezinkokhelo zomasipala, ngesikhathi esifanayo uqaphela izinselelo zomnotho ezibhekene nezakhamuzi. Lo mhlangano ububanjelwe kuWard 2, eEmafusini, futhi uhlelwe uMnyango Wezezimali kamasipala. Uhlelo lukhuthaze abakhokhi bentela ukuthi basebenzise leli thuba lezaphulelo elikhona isikhathi esinqunyiwe ukuze bakhokhe izikweletu zabo ezisalindile. Umhlangano…

Read More

UNDUNANKULU WESIFUNDAZWE UGXEKE UKUBULAWA KWEPHOYISA ETHEKWINI

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu uThamsanqa Ntuli, usigxeke kakhulu isigameko sokubulawa ngesihluku kwephoyisa eThekwini, esigamekweni sokudubula esinodlame esenzeke izolo. lesi sigameko kubikwa ukuthi senzeke ngesikhathi amaphoyisa ephindisela kubasolwa abebehlomile, nesishiye nelinye iphoyisa elimele endaweni yase-Mount Edgecomb UNdunankulu uzwakalise ukudabuka okukhulu ngokulahlekelwa yilungu elizinikele loMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika futhi wedlulisa amazwi enduduzo emndenini, ozakwabo, kanye nabathandekayo bephoyisa elidlulile…

Read More

INHLANGANO YAMATEKISI INIKELE NGOMFANISWANO WESIKOLE

I-Underberg/Himeville Taxi Association ibambe umcimbi wayo waminyaka yonke wokweseka umphakathi, lapho inikele khona ngomfaniswano wezikole zamabanga aphansi ezingu-24 ngaphansi kukaMasipala i Dr Nkosazana Dlamini-Zuma. Lo mcimbi ububanjelwe ehholo lomphakathi e-Underberg. Kanti ube yimpumelelo enkulu njengoba izikole ezingama-24 zithole ukwesekwa,isikole ngasinye sithole abafundi abahlanu njengabahlomuli. Kwezinye izikole ezimbili, kuhlomule abafundi abayishumi ngenxa yesidingo esikhulu. Sekukonke, cishe…

Read More

KOMIDI ELIBHEKELELA UKUGCINWA KWEMVELO LIHAMBELE OPHONGOLO

Isishayamthetho saKwaZulu-Natali, ngaphansi kwekomidi elibhekelela ukugcinwa kweMvelo, noluholwa nguNkk Bongi Sithole-Moloi, sivakashele uMkhandlu wasoPhongolo ukuzobheka ukusebenza kwendawo okulahlwa kuyo imfucuza okuyiPongala Landfill Site kulomhlangano kube sekuvela nezinye izinhlelo uMasipala onazo ukuthuthukisa imiphakathi. Inhloso yokuvakashela loMkhandlu,kuzobheka izingqinamba, kanjalo nobungozi obungabakhona eMphakathini owakhele leya ndawo okulahlwa kuyo ifucuza,kuphinde kuqinisekiswe ukuthotshelwa kwemithetho nokuthuthukiswa kwezinhlelo zokulahlwa kwemfucuza. uMkhandlu wasoPhongolo,uthi…

Read More

I-NFP ISUNGULE ITHIMBA ELIZOLALELA ISICELO SIKASHINGA SOKUZAMA UKUHOXISA UKUXOSHWA KWAKHE

Iqembu leNational Freedom Party (NFP) selisungule i-Appeals Tribunal ukuze ilalele isicelo sokudlulisa icala esifakwe ngu Mbali Shinga. Lesi sinqumo sithathwe emhlanganweni weNational Working Committee (NWC) owenzeke ngempelasonto. UShinga uxoshiwe eqenjini ngesonto eledlule kulandela ukuthi aphikisane nomyalelo weqembu wokuvotela ukususwa kukaNdunankulu waKwaZulu-Natal, Thamsanqa Ntuli. Ukusungulwa kwe-Appeals Tribunal kusho ukuthi uShinga uzothola ithuba lokuphikisa ukuxoshwa kwakhe ngaphakathi…

Read More

BABANJIWE ABASOLWA NGOKUQHUMISA IMOTO YEMALI EVRYHEID

Amaphoyisa oPhiko lwama-Hawks abophe abasolwa abathathu abaneminyaka engu-35, 44 no-64 mayelana necala lokuhlasela imoto ethwala imali (cash-in-transit heist) elenzeka eGluckstadt eduze kweLenjani turn-off, KwaZulu-Natal. Lesi sigameko senzeka mhla zingu-14 kuNdasa 2026 ngesikhathi imoto ethwala ihamba ngomgwaqo u-R34 isuka Olundi iya eVryheid. Kubikwa ukuthi abasolwa badubule imoto kaningi baze bayimisa, baphoqa onogada ukuthi baphume, babathathela izikhali…

Read More

KUHLOLWE UKUSETSHENZISWA KWEZINSIZA KULABO ABATHOLA UXHASO LOKUZITHUTHUKISA

Umnyango wezokuThuthukiswa koMnotho kuMasipala waseMfolozi oholwa iMeya uKhansela Xolani Bhengu behambisana nekomiti lezokuHlela nokuThuthukiswa Komnotho kuMaipala King Cetshwayo osukwini lwanamhlanje bavakashele ama-ward ahlukene ngenhloso yokuhlola labo ababethole uxhaso lokuzithuthukisa nokuthi ikhona yini inqubekela phambili kanye nezingqinamba abahlangabezana nazo emabhizinisini abo. Abahlomula babenikwe izinsiza zokuthuthukisa amabhizini ehlukene ukuze baziphilise badale namathuba omsebenzi.USihlalo wekomiti uKhansela Sihle Magubane…

Read More

AKHIHLE ISILILO EVAKASHELWA NGUNDUNANKUKU AMALUNGU OMNDENI WABAYISIKHOMBISA ABABULEWE

Kube nesimo esibuhlungu ngesikhathi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ehambele umndeni wakwaMonswamy ohlangabezane nesigameko esesabekayo sokulahlekelwa amalunga awo ayisikhombisa ngenxa yokubulawa ngesihluku. Kubikwa ukuthi laba bantu abayisikhombisa bathunjwa eMandeni, bathathwa bayiswa eMelmoth lapho bafike babulawa khona ngesihluku esikhulu. Phakathi kwabo kukhona abesifazane abane nabesilisa abathathu. UNdunankulu uveze ukudabuka okukhulu ngalesi sigameko, wanxusa umndeni kanye nomphakathi…

Read More

AMAPHOYISA ASE-KZN AXWAYISE ABAHLELI BAMAMASHI NGOKUTHI YONKE INTO KUMELE BAYENZE NGOMTHETHO

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal axwayise labo abahlela, abahola noma ababamba iqhaza emibhikishweni ukuthi kumele benze konke ngaphansi kwemigomo yomthetho.Lesi sixwayiso silandela uchungechunge lwemibhikisho eThekwini nakwezinye izingxenye zesifundazwe, eminye egxile odabeni lwabokufika, kanye namavidiyo asabalele ezinkundleni zokuxhumana abonisa izenzo zokungahloniphi umthetho. Amaphoyisa agcizelele ukuthi nakuba ukubhikisha kuyilungelo elisemthethweni, akumele kwephule amalungelo abanye abantu. Kuphinde kwacaciswa ukuthi akukho mhlali…

Read More

UMPHAKATHI WASEDUNDEE UVALE THANQA UMGWAQO USOLA IKHANSELA NGOKWENZELELA UMA LIQHASHA

Kunemibhikisho yomphakathi emgwaqeni osuka eDundee uya eVryheid, lapho izakhamuzi zaseWard 6 zikhala ngokugqoza kwentuthuko nokusolwa kokucwaswa ekunikezweni kwemisebenzi. Umphakathi uthi ukhansela wendawo, uCllr Shelembe we-ANC, uqasha abantu ngokubheka iqembu lezepolitiki, eshiya abanye ngaphandle. Baphinde basola ukuthi ohlelweni lokufakwa kwama-solar, kukhethwa imizi ethile kuphela, kanti eminye iyashiywa ngoba kuthiwa ayizange ivotele i-ANC. Kuphinde kwavela ukuthi kukhona…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved