UMEYA KAMASIPALA WASE-MNGENI UHLOLE UHLELO LOKUTHUTHUKISA AMAKHONO ENTSHA KWEZOLIMO
UMeya kamasipala waseMngeni ukhansela uChris Pappas uvakashele isikhungo Institute for Cooperatives and Community Economic Development esiseMerrivale ukuhlola inqubekela phambili ohlelweni oluxhaswe yilomasipala ngezimali oluthuthukisa amakhona entsha ukuze ikwazi ukubanamakhono okuqashwa noma iziqalele amabhizinisi ayo. Loluhlelo, lucija intsha eqhamuka ezinkalweni zonke zaseMngeni.kanti uhambo lwanamhlaje lukaKhansela uPappas belubheke kakhulu intsha engamashumi amabili eqhamuka emaWadini ahlukene eMngeni nefakwe…

