Omasipala baKwaZulu-Natal bakhumbuza amaqembu ezepolitiki nabazimele abangenele ukhetho lohulumeni basekhaya lwango-2026 ukuthi basuse amaphosta neminye imikhankaso yokhetho ngaphambi kokuphela komnqamulajuqu ngoLwesithathu.
UMasipala waseMsunduzi uthi amaphosta angasuswanga ngesikhathi esibekiwe azosuswa ngumasipala, bese kubizwa izinhlawulo kanye nezindleko zokususwa kwawo.
UMasipala waseMhlathuze nawo unxuse amaqembu ukuthi athobele lo myalelo. EThekwini, imithetho ithi izinto zokukhangisa ezihlobene nokhetho kumele zisuswe zingakapheli izinsuku ezingu-30 ngemuva kosuku lokuvota.
Khonamanjalo, omasipala abayisithupha KwaZulu-Natal kulindeleke ukuba bakhethe izimeya zabo kuleli sonto njengoba izingxoxo zamaqembu ezepolitiki ngokubambisana kohulumeni zisaqhubeka.
UMasipala wase-uMngeni usuvele ukhethe uChris Pappas kabusha njengemeya, ngemuva kokuthi i-DA ithole izihlalo ezingu-15 kwezingu-25 emkhandlwini.
