I-KZN IZOTSHALA AMAPHOYISA ANGU-3,400 KWEZOKUPHEPHA EMGWAQENI
NGEPHASIKAUNgqongqoshe Wezokuthutha Nokuhlaliswa Kwabantu KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma, umemezele ukuthunyelwa kwezikhulu zomthetho ezingaphezu kuka-3,483 kanye namaphoyisa omgwaqo angu-105 kazwelonke esifundazweni sonke ngempelasonto ende yePhasika. Lo mkhankaso wethulwe eMdloti RTI Centre lapho kuhlolw3 khona izimoto zomphakathi. iziphathimandla ziphinde zahlola amabhasi namatekisi angu-17, kanye nezimoto ezine eziboshiwe ngenxa yokwephulwa komthetho ngesikhathi sokusebenza okuholwa yi-Operation Shanela kanye ne-Road Traffic…

