I-DA IFUNA KUFAKWE AMAKHAMELA OMZIMBA EMAPHOYISENI NGEMUVA KOKUBULAWA KWABANGU-8 EKZN

IDemocratic Alliance (DA) isiphakamise ukuthi kuphuthunyiswe uhlelo lwamakhamera afakwa emzimbeni(Body Cams) emaphoyiseni aseNingizimu Afrika (SAPS) kulandela uchungechunge lwezigameko zokudubulana KwaZulu-Natal ezishiye okungenani abasolwa abayisishiyagalombili beshonile kuleli sonto. Iqembu selicele ngokusemthethweni isithangami sasephalamende kuMnyango Wezamaphoyisa, likhuluma ngokubambezeleka kokuqaliswa kohlelo lwamakhamera omzimba, yize noma sewedlulile umnqamulajuqu ka-2025. Esinye sezigameko senzeke eNanda ngesikhathi kunomkhankaso wamaphoyisa wokulwa nobugebengu. I-DA…

Read More

ZIBUYELA ENKANTOLO IZELAMANI EZISOLWA KWELOKUBULAWA KUKA-AKA

Izelamani zakwaNdimande, uSiyabonga noMalusi, abamataniswa necala lokubulala umrepha uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane, babuyele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini. Laba bobabili baxoshwa e-Eswatini ngoNovemba kulandela ukuqulwa kwecala isikhathi eside, ngemuva kokulaxaza isicelo sabo sokuphikisa ukubuyiselwa ezweni. Bevela enkantolo ngemuva nje kokubuyela eNingizimu Afrika, ummeli wabo uthe kusamele kuqoqwe eminye imininingwane ngenxa yohlelo lokubuyisela kuleli….

Read More

KUFE ABAHLANU ABADUBULE KUQALA BEBHEKENE NAMAPHOYISA E-KZN

KUDUTSHULWE kwabulawa abasolwa abahlanu ngesikhathi betholana phezulu namaphoyisa KwaZulu-Natal kwaBester. Laba bebefunwa ngamacala okubulala, ukuzama ukubulala nelokugebenga kuhlonyiwe. Amaphoyisa athi amaphoyisa avele angenela abasolwa kulandela uphiko lwezobunhloli, kodwa ahlangana nemvula yezinhlamvu ngesikhathi ezama ukubabopha. Kube nokudubulana kwaze kwashona abasolwa abahlanu endaweni yesigameko. Awekho amaphoyisa okubikwe ukuthi alimale ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso. Kuze kube manje sekutholwe…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved