Ubelokhu ebabaze njalo ungqongqoshe wezokuthuthukisawa komphakathi kuleli uNkosikazi Lindiwe Zulu ethulelwa umbiko ngenani labantwana besikole abakhulelwe kulonyaka ka 2023 kuphela. Lombiko oshaqisayo wethulwe ngoLwesine ephalamende phambi kwekomidi labesimame bezinhlangano ezehlukene zepolitiki. Kulombiko…
Category: Izindaba Zikazwelonke
IKWAZULULU-NATAL ISAHAMBA PHAMBILI NGABASULELEKA NGEGCIWANE LENGCULAZI
Ucwaningo olwenziwe abeHuman Science Research Council luveza ukuthi isifundazwe iKwazulu Natal ihamba phambili ngenani labantu abaphila nesandulela nculazi kuleli. iHRSC ikhiphe lezi zindaba ngoMsombuluko kumbiko wayo wocwaningo lweminyaka eyisithupha eyedlule. Lenhlangano ibuye…
ZIYAQALA UKUKHISHWA NGOZIBANDELA IZINOMBOLO EZINTSHA ZASE KZN
Zizoqala ngomhla ka 1 kuZibandlela kulonyaka ukubonakala izinombolo ezintsha zezimoto zasesifundazweni saKwaZulu – Natal. Umnyango wezokuthutha kulesi sifundazwe umemezele lezi zindaba ngenyanga eyedlule. Ekhuluma nabezindaba okhulumela lomnyango uMnumzane Siyabonga Ncalane uthe lokhu…
ANGAHLE AWUDLELE EKHAYA UKHISIMUZI U-OSCAR PISTORIUS
Angahle amkhalele esekhaya amathini okwamukela unyaka ozayo loyo owayengumpetha womhlaba kubasubathi abakhubazekile owatholwa enecala lokubulala owayeyintombi yakhe engunobuhle uRiver Steenkamp ngosuku lwezithandani iValentine ngo 2013. U-Ocar Pistorius uzovela namhlanje ngaphambi kwebhodi elibhekelele…
BATHI NGEKE BAWACEBE AMASOKA ABO AHLALA KULELI NGOKUNGEMTHETHO ABESIFAZANE BAKULELI
Bathi akuwona neze umsebenzi wabo ukuhlola ukuthi ngabe amasoka abo angawokufika kuleli anazo yini izincwadi eziwagunyaza ukuba kuleli abesifazane abazwana nabokufika. Lokhu kuvele ngesikhathi isikhulu somnyango wezasekhaya uSphesihle Nyawo ekhuluma nomphakathi waseMnqobokazi…
UKHALE NGUKUSHODA NGEMALI UGABUZA ENKANTOLO
Ukhale ngokungabi namali umgadli weTS Galaxy inkantolo imyalela ukuthi akhokhe imali engango R3000 yebheyili. UThamsanqa Gabuza obhekene necala lokucekela phansi impahla uboshwe ngoLwesibili emva kokuzinikela emaphoyiseni aseBramely eGoli. Lomgadli oke wagijima kwi-Orlando…
SEKUZOMBA EQOLO UKUTHENGA INKUKHU KULELI
Inyama yenkukhu iyona nyama edliwa kakhulu ngabantu bakuleli kanti futhi yiyo abebeyibona njengengambi eqolo uma iqhathaniswa nalezi ezinye. Kubukeka engathi azophenduka amatafula njengoba kulindeleke inyuke intengo yenkukhu kulamaholidi. Ezinyangeni ezinhlanu ezedlule kwamenyezelwa…
KUSHUBILE KUVELA IZINSOLO EZISHAQISAYO NGOKHOZI FM
UkhoziFM umsakazeli womphakathi osakaza ngesizulu ongaphansi kwe SABC nokleliswe njengohamba phambili eNingizimu Africa naseAfrica. Lomsakazo usematheni kulezinsuku ngemuva kokudlula emhlabeni kwalowo esimazi njengomethuli wezemidlalo uIvin Sihlophe. Ezinsukwini ezedlule kube nezikhumbuzo ezahlukahlukene nalapho…
UMENYEZELWE NJENGOZONGENELA ESOBUNDUNANKULU UMNCWANGO EKZN
UMnumzane uZwakele Mncwango umenyezelwe njengozomela iqembu i-Action SA esikhundleni sobuNdunankulu esifundazweni iKwaZulu-Natal okhethweni ngonyaka ozayo. Umholi waleliqembu uMnumzane Herman Mashaba wenze lesi simemezelo esithangamini sabezindaba izolo eThekwini. UMashaba uchaze uMncwango njengomuntu owuthandayo…
ASETHOLE INTUBA YOKUKHANKASA NGOKUBHALISELA UKHETHO AMAQEMBU.
Inhlangano eyangamele ukhetho kuleli I Independent Electoral Comission(IEC) usugunyaze impela sonto ezayo yangomhlaka 18-19 November njengoyokubhalisela ukhetho lukahumuneni kazwelonke kanye nolwezifundazwe. Amaqembu ahlukene ezepolitiki KwaZulu-Natal wona asebenzise lempela sonto ukufundisa amalunga awo…
SILENGELE EWENI ISIKHWAMA SOXHASO LWABAFUNDI KULELI
Inyonyana yabafundi kuleli iSouth African Union of Students ithi ifuna ungqongqoshe wezemfundo ephakeme kuleli uMnu Blade Nzimande asukumele ngokushesha indaba ka NSFAS wabafundi uma kungenjalo ashenxe esikhundleni. Okhulumela lenyonyana uMnu Asive Dlajwa…
BASHAYA AMAKHALA NGOKUVUKA KWAMACALA AMADALA KAZIMDOLLAR
Sekuqubuke umsindo ngokusabalala kwezindaba zokuthi uMsakazi wokhozi FM uZimiphi Zimdollar Biyela uthunyelelwe incwadi aziswa ngokukuthi udingeka enkantolo kamantshi eshowe ngomhla ka 12 kuZubandlela kuwo lonyaka. UmaBiyela kuthiwa ubhekene namacala ahlanganisa ukutholakala kwezibhamu…