Amaphoyisa anxusa abazali nabanakekeli ukuba baqikelele ukuvikela izingane kubantu abahlukumeza ngokocansi ngemuva kokubikwa kwesigameko sokudlwengulwa kwengane eneminyaka emithathu ubudala eLimpopo.
Okhulumela amaphoyisa uLt-Col Mavela Masondo uthe owesifazane waseGabaza village ngaphandle kwaseTzaneen uvule icala ngoLwesihlanu.
kubikwa ukuthi unina ubeshiye ingane ekhaya wabuya sekuhlwile ethi uzomgeza, nokuyilapho ezithele phezu kwalensambatheka.
“kuthiwa lentomtombazanyana ikhale ngezinhlungu esithweni sayo sangasese, kuthe uma unina ebheka wathola ukuthi kunamachaphazelo egazi.
“Isisulu siphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane ukuze sihlolwe, imiphumela yabuya iveza ukuthi ngempela kube khona ukuthintwathintwa kwesitho sakhe.”
Icala liphenywa uphiko oluvikela izingane namacala ocansi eTzaneen. Akukabi bikho muntu oboshiwe njengamanje ngalesi sigameko.
Iphini likakhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uMaj-Gen Jan Scheepers ukhiphe lesi sicelo: “Abazali nababheki bakhuthazwa ukuthi banakekele izingane zabo ukuze kunqandwe isihlava samacala ahlobene nocansi.”