Selokhu savalwa kubuywa ephasikeni isikole samabanga aphansi endaweni yaseSun Valley Estate eWeenen iNdlondlweni Primary School.
Abazali bafuna umnyango wezemfundo ukuba wakhe okanye ulethe amagumbi angomahamba nendlwane ukuze kuzoqhubeka ukufunda nokufundisa.
Abantwana abenza ibanga lokuqala kuya kwelesine(Grade1-Grade4) bafundela ehholo elilodwa behlukaniswe ngamabanga abakuwo, uma othisha befundisa bayazwana wena owabona indlela okwakufundwa ngayo ezikoleni zakudala zasemakhaya.
‘Indlondlobala Primary kayinazindlu zangasese ezisezingeni lapho abantwana bezikhulula khona basasebenzisa lawo akhiwa ngumphakathi, amahhovisi awabonwa akukho ngisho nekhishi lokuphekela abantwana, amagesi okupheka abekwa lapho befundela khona okubeka impilo yabo engcupheni kulandisa owesigungu esiphethe isikole.
Ikhansela lendawo eliphinde libe yisekela Mayor Sithabiso Dladla uthi impela loludaba luyiqiniso uyalazi usezame kaningana ukuxazulula lesi simo kodwa ukuxhumana nomnyango ngathi kakuphumeleli ngoba bagcina bengasazibambi nezingcingo zakhe. Uthi uyafisa lesi simo sixazululeke abantwana bezoqhubeka nokufunda.
Abazali bathi bazoqhubeka bavale kuze kube kunakwa isikole sabantwana babo.