Abagijimi abebesuka e Goli eSowetu bethola ingozi yemoto emngaqweni osuka eNquthu ongenele eDundee u-R63 ngoMgqibelo.
Laba basubathi bebelibangise emqhudelwaneni waminyaka yonke owenzeka esifundeni uMzinyathi owaziwa gePrince Mangosuthu Buthelezi Marathon eDundee.
Abathathu baphuthunyiswe esibhedlela kwathi ababili baqhubeka balibhekisa khona emjahweni ngoba baphume bengenamyocu.
UCijimpi Moloi wase Nquthu obengomunye wabathole ingozi uthi umshayeli uhlulekile ukuyilawula imoto yaginqika kwazise indlela ubengayazi kahle kodwa abezimo eziphuthumayo basheshe babasiza ngoba vele bebegcwele umgwaqo.
Uthi baphume emotweni bayoqala umjaho wabo yena nozakwabo ongalimalanga.
“Angingabazi ukuthi bengizowunqoba lomjaho ngoba ngikwazile ukuphuma unumber 7 nokuba besengizwa ngyaqaqanjelwa kodwa ngizamile ukuqeda sibonga nje unkulunkulu ngokusiphephisa” kusho yena.
UMeya womkhandlu uMzinyathi uPetros Ngubane udlulise amazwi okuzwelana nabangijimi uSyabonga Ndlovu waseNdumeni kanjalo nowase Nquthu uLindokuhle Shabalala abalaliswe esibhedlela eNewcastle emva kwegozi
Umjaho iPrince Mangosuthu Ultra Marathon ibigubha imnyaka emihlanu yasungulwa njengoba yasungulwa ngo 2018. kulonyaka abangijimi bebeyi nkulungwane namakhulu ayisishanga lombile (1900) usuka eDundee uya eNquthu.
Owesilisa odabuka e Lesotho uPulinyane Lekhotla uhanbe nesizumbulu sika R100 00 ngokunqoba lomjaho.
Kanti onqobe umjaho wabesifazane u Helmet Muruik wase Kenya naye uzohamba no R100 00 abheke e Kenya.