Abafundi basekolishi uMnabithinTVET ekhempasini esedolobheni eMnambithi babhikishe ngaphandle kwamagceke esikole bekhala ngokungaqondi ngezimali zabo zoxhaso lwabafundi uNSFAS.
Labafundi bathi kukhona abafundi abathole imali nokungabafundi abaqalayo ukuzofunda kulesikhungo kwathi laba ababuyayo (Returning Students) bangayithola, bathi lokhu kuchaza ngokusobala ukuthi bona abakhathalelwa .
Namuhla ekuseni abafundi babhikishe ngaphandle kwekolishi kwaphoqeleka ukuba kubizwe amaphoyisa nabathi afike esigamekweni ashaya omunye wabafundi amfaka evenini.
Abafundi bathukuthele bagana umwabu befuna kudedelwe lona obaboshiwe njengoba bethi ayikho into ayenzile banelungelo lokuveza izikhalazo zabo, amaphoyisake abe asebenzisa izinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza isixuku aphinda abopha abanye abafundi..
Okhulumela isikhungo akatholakalanga ukuphawula ngalesi sigameko