Abafundi abangu-28 baseDurban University of Technology (DUT) kudingeke babeke impilo yabo engozini njengoba bengakazitholi izincwadi zokuphothula iziqu zabo.
Omunye umfundi ongathandanga kudalulwe igama lakhe ngoba esaba ukuthi uzomhlukumeza uthe sekumele baphuthelwe amathuba omsebenzi ngenxa yokungayitholi incwadi yokuphothula iziqu zabo ekhomba ukuthi sebeziphothulile.
“Ilapho inkinga iqale khona. saqala ukufunda ngo-2021 kuya ku-2023. Sithinte umnyango ekuqaleni kwalo nyaka ukuze sithole izincwadi zokuqeda umsebenzi njengoba u-2023 bekuwunyaka wethu wokugcina, kwathiwa asilinde uphiko luzozikhipha izincwadi.
“Ngempela izincwadi zaqala ukukhishwa zeminye imikhakha njengoba sinemikhakha emine: izilimi; isayensi yemvelo; isayensi yezomnotho nokuphatha, kanye nobuchwepheshe.
“Yonke eminye imikhakha yomithathu inikeziwe izincwadi zokuqeda kanye nezinsuku zokuthweswa iziqu futhi, kithina akukho lutho. Abanye bethu balahlekelwe umsebenzi ngenxa yokweswela lezi zincwadi, okuhlanganisa nami, kanti abanye banqatshwa izikhungo ngezicelo zethu zeziqu ze-honours.
“Inkinga ingaphezu kwamandla ethu ngoba uma sithinta umnyango ophikweni lwase-Indumiso basidlulisela eFaculty of Art and Design, okuphambene nalokho, uma sithinta uphiko basidlulisela emnyangweni – wona odonsa kanzima,” kusho lomfundi. Omunye umfundi wengeze ngokuthi babona engathi inyuvesi ibenza izilima ngokulokhu ibehlisa ibenyusa.
U-Alan Khan, onguMqondisi oMkhulu we-Corporate Affairs e-DUT, uthe bayazi ngezinkinga ezibhekene nabafundi. “Kusukela ngoJanuwari nonyaka, ihhovisi le-Faculty of Arts and Design selikhiphe izincwadi ezingaphezu kuka-300 eziqinisekisiwe nezigunyaziwe zokuqedela abafundi abathweswe iziqu eSikoleni Sezemfundo.
“Nokho kumanje bangu-33 abafundi abangakwazi ukuthola izincwadi zokuqeda ukufunda. Ezimweni ezinjalo, kuyadingeka ukudlulisela amakhredithi onyaka wokuqala atholwe abafundi abasesifundweni se-B. Ed esiyekiwe ukuya esifundweni esisha se-B. Ed, ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zengqikithi yamakhredithi amane, ukuze baqedele ngempumelelo isifundo. ,” kusho uKhan.