Izakhamuzi zakwa Mthandi, Acaciavale naseNdomba zithi ziswele ngisho awokuqeda ukoma lawa amanzi kulezi zindawo.
Lokhu kwenzeka nje kulokhu kuqhubeke njalo ukugqoza kokuphakelwa kwamanzi kulezindawo. Umphakathi ukhala ngokuthi kunepayipi osekuphele cishe izinyanga ezine laqhuma kodwa lutho ukulungiswa. Lezi zakhamuzi zithi sekuze kwakhandeka ichibi kulendawo eqhunyelwe yipayipi amanzi ayazigelezela nje akekho onendaba. Bathi sebebike kwiziphathi mandla baze bakhathala bezitshwa kungenzeki lutho.
Bacela izikhulu nalabo ababhekele ezamanzi Othukela ukuba balungise ukuze bezosizakala kulenkinga yamanzi.