Umkhandlu wasOkhahlamba uholwa ngumhlonishwa uMeya V.R Mlotshwa babambe umcimbi wokubungaza abafundi abangamashumi amathathu abenzekahle ngaphansi kwalo mkhandlu.
ICircuit asOkhahlamba ahambe phambili OThukela njengoba Amangwane ethole 91.2% kwathi iBergville yona yathola 88.9% kwathi izikole ezine ezine zathola o100% esibala kuzo Amazizi High School, Bambazi High School, Maqoqa High School Kanye Qhozo High School.
UMlotshwa ethula inkulumo yakhe ukhumbuze abafundi ukuthi indlela eya empumelelweni eyokuzithuthukisa wabe esebagqugquzela ukuba ngaso sonke isikhathi ababokhumbula lapho bevela khona.
Lomcimbi ubuhanjelwe ngabazali, abafundi, othisha ,amakhansela Kanye nabasebenzi bezemfundo nabomkhandlu Okhahlamba.
Abafundi abahlanu abahambe phambili yilaba:
Bhekithemba Nduduzo Xaba ( Amaphisi High School)
Sbongakonke Alwande Khumalo (Amangwane High Scool)
Alwande Zamakhuze Zikalala (Ngcongcosi High School)
Edwin Ntokozo Ngubeni (UBulinga High School)
Asanda Nobuhle Zikode ( UKhahlamba High School)