Umengameli we iTeam Sugar South Africa nobeyiphini lemeya yase-Newcastle KwaZulu-Natal usexoshe usibali wakhe noyikhansela eqenjini ngoba emsola ngokuvota ne-IFP okuholele ekutheni akhishwe esikhundleni.
u Musa “Shukela ” Thwala umemezele ukuthi usemxoshile uMnuz Andile Nkosi ongusibali wakhe namanye amakhansela aleli qembu awasola ngokumdayisa.
Uthe amanye amakhansela awaxoshile uNksz Nondumiso Masondo noMnuz Mri Ngcobo.
“Laba basigwaze ngemuva singazelele. Le nto abayenzile ingukwephula umthetho weqembu okubeka kucace ukuthi umengameli akathintwa nhlobo.
“Esikhundleni sikanobhala sesithathe isinqumo sokufaka uNksz Vumile Ncana, okunguye ebesiwa sivuka naye kusukela sisungula leli qembu emafemini akwaShukela,” kusho uThwala.
Uthe iphutha abalenza kube ukufaka abantu abangoqhibukhowe ezikhundleni bashiya ngaphandle abantu basemafemini.
Uveze ukuthi abazokwenza kusuka manje ukuba bayemafemini beyoxolisa kubavoti babo.
UThwala ukhishwe esikhundleni sokuba iphini lemeya yase-Newcastle ngoLwesine olwalandulela iphasika.
Uthe lama khansela akhe okuyiwo amphendule isilo sengubo, awasezi nasemihlangwaneni ngoba ekhala ngokuthi asabela izimpilo zawo.
Uqhube wathi iyamxaka le nto yokusaba ngoba abenesibindi sokumhlanganyela ne-IFP amkhipha esikhundleni.
“Siyacela ukuxolisa kubantu bethu basemafemini ngoba sisuke sabakhohlwa salibala abantu abafike basidayisa. Sizoya siyoxolisa kubantu bethu ngakho konke okwenzekile,” kusho uThwala.
Ubuye wamemezela nokuthi basazolwa nendaba yakhe enkantolo yokugudluzwa kumasipala esikhundleni sokuba iphini lemeya.
Uphinde wamemezela nokuthi babenezinkinga kuKhomishana yoKhetho nokwenze bangakwazi ukungenela ukhetho.
Uqhube wathi inkinga idalwe amagama abedingeka kodwa basazoyilwa le mpi ebabhekene nayo.