Ikhomishana eyengamele ukhetho kuleli iIEC kanye namaqembu ezepolitiki ahlukahlukene bahlanganyele emcimbini wokuzibophezela kwamaqembu eThekwini eDurban ICC izolo. I-IEC iqinisekise ukuthi sezimi ngomumo zonke izikhungo zokuvota esifundazweni saKwaZulu-Natal futhi isikulungele ukusingatha ukhetho.
Kube sekudingeka ukuba wonke amaqembu asayinde umqulu wokuziphathakahle ngenkathi besakhankasela ukuvotelwa nangosuku lokhetho.
Abaholi bamaqembu babe sebezibophezela ukuba bazoziphatha ngendlela. Ukwephula lesifungo kuyoholela ektheni iqembu elitholwe linecala likhokhiswe inhlawolo noma bebhadle ejele.