Amaphoyisa aseMpumalanga abhaqe inkambi yokuqeqesha amasosha ngokungemthetho ngaphandle kwase White River ngolwesithathu.
Lenkambi kubikwa ukuthi ngokusemthwethweni leyandawo yindawo lapho kuqeqesha khona onogada.
Kuboshwe abokufika base Libya abangu 95 abebekuleli ngokungemthetho , njengamanje bazophekwa ngemibuzo bese kwenziwa izinhlelo zokuthi babuyiselwe kwelakubo.
UNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli uMnu Senzo Mchunu uhambele leyandawo namuhla.
Commissioner Fannie Masemola uthi phansi amaphaphu kubantu bakuleli bayabhekana naloludaba bazobe sebekhipha imininigwane ngokwenzeka kuleyankambi.
Lowo owangu General kwezombutho wakuleli uMaomela “Mojo’ Motau uthi kumele ngabe kudala amaphoyisa azi ngaloludaba njengoba bona bazi ngaloludaba ezinyangeni ezimbili ezedlule, uthi kukhona abakuleli abebeqeqeshwa kuleyankambi bekhala ngokuthi kukhona abokufika abaqrqeshwa kuleyandawo inkinga bona abaqeqeshwa ngendlela efana neyabo.