Amaphoyisa adubule abulala ubhongoza wo”Zama Zama” obesefunwe isikhathi eside ngamacala amaningi ayamaniswa namacala okubulala angu-29 okuhlanganisa nesigameko sokudubula inqwaba yabantu endaweni yokucima ukoma eNomzamo Park, eSoweto lapho avulela ngenhlamvu ebhekise kubathengi ngoJulayi 2022.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, u-Athlenda Mathe, uthe umsolwa ongowokuzalwa eLesotho ulandelwe umkhondo eJabulani eSoweto ngempelasonto. Unqabile ukuboshwa kanti kuthiwa ukhombe iphoyisa elimdubule washona ngesibhamu.
UMathe uthi lolu hlelo luyingxenye ye-Operation Vala Umgodi.
Lo mkhankaso uqondiswe ekulweni nokumbiwa kwezimayini ngokungemthetho ezweni lonkana, futhi uhlanganisa uMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS), uMbutho Wezokuvikela Kazwelonke waseNingizimu Afrika (i-SANDF) kanye noMnyango Wezimbiwa Namandla.