I-UDM esifundazweni sakwaZulu-Natal bathi kuyashaqisa lokhu okuyizinsolo zenkohlakalo ezenzeka kumasipala waseNdumeni.
Lomaspala usolwa ngokuxhasa iqembu lenkatha ukukhankasela ukhetho.Namuhla ekuseni inhlangano yamatekisi kuleyandawo ivale imizila engenela emahhovisi aloyamkhandlu ifuna ngodli imali yayo engu R77 000.00 eyasala behambise amalunga eNkatha eMoses Mabhida ngenyanga eyedlule lapho leliqembu lalethula usomqulu walo.
Abenhlangano yamatekisi bathi emva kwesikhathi eside befuna inkokhelo uMeya walomkhandlu ube esebakhomba kuMenenja womkhandlu ukuze bakhokheleke, inkokhelo yabo kuvela ukuthi iyobe isivela emabhukwini njengeye ” Asakhane”
I-UDM isicele umnyango wezokubusa ngokubambisana nendaba zomdabu (KZNCOGTA) uphenye ngokusetshenziswa kwezimali zomkhandlu okumele ngabe zisiza umphakathi kodwa zikhankasela iqembu leNkatha.