Umndeni usashaqekile emva kokudlwengulwa komtwana wabo oneminyaka engu-14 ngaphakathi emagcekeni esikole esisendaweni yase-Alex egoli.
Isigameko esishaqisayo senzeke ngoLwesine, 8 February 2024 ntambama esikoleni esaziwa ngokuthi yi-East Bank High School kuyona lendawo.
Ngokusho kokhulumela umndeni, uJimmy Masingi, intombazane yazithela komunye wabasolwa ngesikhathi iyolanda isikhwama sayo.
UMasingi uthe lomfana usabise intombazane wayiphoqa ukuba iye kubangani bakhe abebesemagcekeni esikole.
Ngesikhathi befika kuthiwa lomfana watshela abangani bakhe ukuthi usemtholile umuntu abazolala naye. Kungaleso sikhathi lapho bamphoqa ukuba aye endlini yangasese nokuyilapha abafike bamdlwengulela khona beshintshana ngaye.
Ngemuva kwalesi sigameko, lentombazanyaae yabikela iSGB yesikole yabe isiyiswa ekhaya kunina, nowabe eseyiyisa esiteshini samaphoyisa ukuze ayovula icala lokudlwengula.
UMasingi uthe ingane yabo ayizange ithole ukwelulekwa ngokwengqondo. Uthe kubalulekile ukuthi athole ukwelulekwa ngokwengqondo kanye nesiqiniseko sokuthi uphephile ukuze abuyele esikoleni.
Ngokusho komthombo, kuneqeqebana labafana abasatshwayo abangamabhoklolo base-Eastbank High abahlalise kabi abafundi.
Umthombo uthe uma uthishanhloko ekhuluma nabo, abamhloniphi sidalo bamtshela emehlweni ukuthi akasiye ubaba wabo futhi ngeke bamlalele.
“Ngatshelwa kanjalo yindodakazi yami efunda uGrade 12 kuso lesi sikole,” kusho umthombo.
La malungu omphakathi abedinwe egane unwabu afunge agomela ukuthi azoqonda ngqo e-East Bank High ngoMsombuluko ngo-7:30.
“Njenge-GBVF Brigades, sizobe sikhona. Lokhu kungaphezu kwamandla, sekwanele,” kubhale ilungu lomphakathi ezinkundleni zokuxhumana.
Omunye walabafanyana kubikwa ukuthi useboshiwe kanti abanye basagcwele amathafa.