Kuyaqhubeka ukubulawa kwamakhansela KwaZulu-Natal , kamuva kuhlaselwe kwabulawa uSotswebhu womkhandlu uMngeni uCllr Nhlalayenza Ndlovu. UMnu Ndlovu oyikhansela ngaphansi kwenhlangano iDA kuloyamkhandlu kubikwa ukuthi uhlaselwe wadutshulwa ekhaya kwakhe empophomeni phambi komndeni wakhe.
Umholi weDA KwaZulu-Natal u Francois Rodgers uchaze uNdlovu njengomuntu obezithobile obehlezi ebeka izidingo zabantu phambili ube esedlulisa amazwi enduduzo emndenini ube esekuveza ukuthi basebenzisana namaphoyisa ngophenyo ukuze kusheshe kutholwe abenzi bobubi.
UMeya waseMngeni uCllr Chris Pappas ekhuluma nabezindaba namhlanje uthi uNdlovu uke wamazisa kokusatshiswa kwakhe nokwenza ukuthi ukubulawa kwakhe bekuhlelwe ngumuntu thize kwezepolitiki. UMeya ube esekhipha umehlokaboni wemali engu R100 000 wamarandi kokungenzeka babe nolwazi lababulele uNdlovu
UNdunankulu uNkk Nomsa Dube uthi lesi esinye isigameko la kubulawa khona umholi nokuphendula lesifundazwe indawo yokubulala abaholi ikakhulukazi bezepolitiki Kanye namakhosi okuyinto abangeke bayivumele