Imali engaphezulu kuka-R600 million izokwabelwa omasipala KwaZulu-Natal ukuze balulame ezinhlekeleleni zemvelo.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana uMnuz Velenkosini Hlabisa ukuqinisekisile ukuthi lesi sabelo sizophothulwa emasontweni ezayo.
Lesi sifundazwe sibhekane nezinhlekelele zemvelo eziningi kule minyaka embalwa edlule, njengoba izikhukhula zakamuva ziholele ekufeni kwabantu abangu-21.
UHlabisa uthi uhulumeni uphezu kohlelo lokusiza bonke omasipala ngokulawula izinhlekelele.
“Emasontweni amabili, isikhathi, sizobe sinomhlangano ohlanganyelwe nazo zonke izifundazwe nomasipala abathole uxhaso. Ezinye izimali zidluliselwe mhla zi-5 kuNdasa kanti enye izodluliswa emasontweni okuqala ka-Ephreli ukuze kubhekwane nezinhlekelele eNingizimu Afrika.”