Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

ININGIZIMU AFRICA ITHI IYATHANDA UKUBA NOBUDLELWANO NEMELIKA KODWA NGEKE IBHENSELE UBUQHWAGA BUKATRUMP

Posted on 10 March 2025

UMongameli waseMelika uDonald Trump umemezele ngoLwesihlanu ukuthi i-US izosusa yonke imali yenhlangano eNingizimu Afrika. Lokhu kulandela isinqumo saphambilini sokunciphisa uxhaso lwezimali ngenxa yokungaboni ngaso linye mayelana nemigomo yaseNingizimu Afrika yokubuyiswa komhlaba kanye necala elibhekene ne-Israel elaulwa yiNingizimu Africa eNkantolo Yobulungisa Yamazwe Ngamazwe. UTrump uphinde wanikeza indlela esheshayo yokuba yisakhamuzi kubalimi baseNingizimu Afrika abafuna ukuyobhaca e-US, wathi uhlelo luzoqala ngokushesha.

INingizimu Afrika ngomlomo kamkhulumeli kaMengameli Cyril Ramaphosa, uVincent Magwenya, othe izwe ngeke lizibandakanye ezingxoxweni ezisesidlangalaleni nemelika kodwa lizibophezele ekwakheni ubudlelwano obunenhlonipho nobuzuzisa omabili lamazwe. UMagwenya ugcizelele ukubaluleka kokuhlonipha ukuzimela nobuzwe baseNingizimu Afrika.

Ubunikazi bomhlaba eNingizimu Afrika bulokhu bungalingani kakhulu, njengoba abanikazi bomhlaba abamhlophe bephethe u-75% wamapulazi, kuyilapho abantu abamnyama baseNingizimu Afrika, abakha u-80% wabantu, banama-4% kuphela. Ukubhekana nalokhu, uRamaphosa usayine umthetho ngoJanuwari ovumela ukudliwa komhlaba ngokwezidingo zomphakathi,” ngezinye izikhathi ngaphandle kwesinxephezelo.

Ngo-2024, usizo lwangaphandle lwase-US oluya eNingizimu Afrika lwabekwa ku-$323.4 million (R5.9 billion), ngokwemininingwane kahulumeni wase-US. Ukunqanyulwa kwezimali kanye nokuphawula kukaTrump kuphinde kwaphazamisa ubudlelwano phakathi kwamazwe amabili.

Recent Posts

  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO
  • KUNCONYWA OWESIFAZANE OQHAMUKE NENDLELA ENTSHA YOKUGUQULA INDLE IBE WUMQUBA
  • USHAQEKILE UMPHAKATHI WASEROSBOM KUNTSHONTSHWA UMTWANA(1) ENDLINI KUBO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme