I-Economic Freedom Fighers (EFF) ithi izothatha isikhundla seqembu eliphikisayo ePhalamende, isola iQembu loMkhonto weSizwe (MK) ngokwehluleka ukudlala lendima ebalulekile.
Njengenhlangano enkulu kunazo zonke engekho kuhulumeni, i-MK Party iyiqembu eliphikisayo elisemthethweni.
Kodwa-ke i-EFF ithe inhlangano yowayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ayinawo abaholi abanamava noma ulwazi olwanele ukuze idlale le ndima ngendlela efanele.
USinawo Tambo we-EFF ubekhuluma ngaphandle kwaseCape Town City Hall ngaphambi kwenkulumo yesizwe yangoLwesine (SONA).
Iqembu eliphikisayo elisemthethweni livamise ukuba nesithangami sabezindaba ngaphambi kwe-SONA, kodwa i-MK Party ayizange ikwenze lokho.
Empeleni, iqale yamemezela ukuthi izoba ne-SONA yangempela ngoLwesithathu, nokho yahlehlisela uLwesibili oluzayo.
UTambo uthe kubalulekile ukuthi kube nokuphikisana okusebenzayo noHulumeni Wobumbano Lwesizwe (GNU).
“i-EFF iyilona qembu elizibonakalisa njengeqembu eliphikisayo elibalulekile futhi elinezimvo mayelana nezindaba zokuvota, mayelana nokwenzeka e-DRC, okwenzeka e-USA, okwenzekayo ngomthetho, yi-EFF ebilokhu iyizwi elihambisanayo nelingenasici kuzo zonke lezi zindaba.
I-MK Party kanye ne-EFF bayingxenye ye-Progressive Caucus yasephalamende futhi phezu kwakamuva nje igazi elibi phakathi kwala maqembu womabili, aphinde azibophezela kukhokhasi.