Bayakhala abagibeli bamabhasi akwa BTI ezingxenyeni zasemnambithi kuqubuka imibiko yokumiswa kokuhamba kwawo.
Kubikwa ukuthi abamboni yamatekisi eMnamnithi isithathe isinqumo sokuba kuvalwe ukuhamba kwenkampani yamabhasi uBTI kweminye imizila ngoba kuthiwa lamabhasi asemaningi kakhulu.
UBTI ngamabhasi asehambe isikhathi eside kulemizila futhi abagibeli kabaze basole lutho ngawo.
Abagibeli bathi lokhu kungukuqala kosizi kubo ngoba amatekisi angeke ehambisane nezidingo zomphakathi besho nokuthi sebezofika isikhathi sesidlulile nasemisebenzini ngoba amatekisi awaphumi engagcwele kanti amabhasi behamba ngesikhathi okwakho nje bekungukuthi ubambe isikhathi nje qha.
Akusizi ukufuna kume amabhasi . Bevele behluleka ukulayisha umphakathi . Uma ibhasi ingekho , njengamaholiday nje . Kunzima ukuya edolobheni . Cabanga ugibelile umshayeli wetekisi alokhu ethi hamba ebhasini ngoba ulate yena ezidrayela nje noma isigcwele ; ingena izintuli phakathi ufika uncolile edolobheni
Umuntu unelungelo lokuzikhethela ukuthi uhamba ngani,government akangenele naku siphathwa iqwaga zamatekisi.sebenza lento abayenza Kuma meter taxi bebaqola.