UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal wamukele ngezandla ezimhlophe umkhankaso kaMasipala waseThekwini wokufaka omitha abhadalwayo ngaphambi kokusetshenziswa ezikoleni. Izikole eziningi esifundazweni zisanda kunqunyelwa ugesi namanzi ngenxa yokungakhokhelwa kwezikweletu.
Cishe izikole eziyi-1,000 eThekwini zithola amanzi nogesi kumasipala, kanti cishe eziyi-60 seziqalile ukufaka izicelo zokuqashiselwa amamitha abhadalwayo.
“Ngicabanga ukuthi kuzosisiza ukuxazulula izinkinga eziningi. Sizokwazi ukusebenzisa lokho esesikhokhele kona, kodwa akuxazululi udaba lokuxhunywa ugesi ngokungekho emthethweni,” kusho okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN, uMuzi Mahlambi.
Okhulumela i-South African Democratic Teachers Union (SADTU) eKZN, uNomarashiya Caluza, uthe lesi sinyathelo besilindelwe isikhathi eside.
“Kwesinye isikhathi asazi nokuthi umkhandlu uwabala kanjani amabhili. Ngisho nezikole zivaliwe, amabhili abakhokhiswa izikole nakuleso sikhathi.
“Siphinde sakhala ngamazinga umkhandlu akhokhisa ngawo izikole. Ngakho-ke ukufakwa kukagesi okhadalwa ngaphambi kokusetshenziswa kungaba yisisombululo esiphelele ezikoleni,” kusho uCaluza.