UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu uthe uzibophezele ekudaluleni inhloso yangempela yesikhungo okusolakala ukuthi siqeqeshelwa izibhamu epulazini eliseModimolle.
Ngesonto eledlule, ithimba lezinhlaka ezahlukene, okuhlanganisa noKlebe, ligasele epulazini, okuholele ekutheni kutholwe futhi kuthathwe izikhali nezinhlamvu ezinelayisensi.
Lokhu kutholakala kulandela umkhankaso wamaphoyisa avundulula inkambu yamasosha engekho emthethweni e-White River, eMpumalanga.
Okhulumela uMnyango uKamo Gelo Mogotsi uthe umkhankaso waseLimpopo ucushwe indlebe.
“Nakuba inhloso ngqo yokuqeqeshwa kulesi sikhungo isaphenywa, ukutholakala kwemishini yokuqeqesha ehlobene nezempi kanye nemisebenzi kuphakamisa ukukhathazeka okukhulu okungeke kushaywe indiva.
“UNgqongqoshe wamaPhoyisa ukugcizelele ukuthi ukuphepha nokuvikeleka kwezakhamizi zaseNingizimu Afrika kubaluleke kakhulu futhi waphinde waqinisekisa umphakathi ukuthi uphenyo ngalolu daba luzoqhubeka ngokwesekwa yizo zonke izinhlaka zomthetho ezifanele.”