UNDUNANKULU waseKZN, uMnuz Thami Ntuli, usephakamise emnyangweni wezeMfundo esifundazweni ukuthi kufakwe amakhamera ezikoleni ezisengcupheni yobugebengu. Ngenyanga edlule kwabulawa uthisha waseNtuzuma phambi kwabafundi bakhe.
UNdunankulu uthi imiphakathi nayo ineqhaza okufanele ilibambe ekuvikeleni izikole, abafundi nothisha ezigebengwini.
“Kumele sisebenzisane ekugcineni izikole zethu ziphephile. Siyazi ukuthi ukufakwa kwamakhamera kuzosisiza kangakanani. Ukuphepha ezikoleni kudinga ukusebenzisana kwethu sonke. Akumele sisavumela izikole ukuthi zisetshenziswe njengendawo yobugebengu.”
UNtuli ubekhuluma emcimbini wokukhumbula uSuku lwabesifazane eBergville ngoLwesihlanu