UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uVelenkosini Hlabisa usephendule lapho egxekwa khona umphakathi ngokuthi imicimbi kaMengameli Cyril Ramaphosa yezimbizo ibiyizindleko ezingenazithelo futhi ezimoshayo.
UHlabisa udalule ukuthi le micimbi idle abakhokhi bentela u-R44 million emicimbini emine ebanjwe esikhathini esiyizinyanga ezingu-18. Inhloso yale micimbi bekuwukubhekana nezinkinga zokuhlinzekwa kwezidingo zomphakathi kanye nokuhlinzeka izakhamizi inkundla yokuzwakalisa izikhalo neziphakamiso zazo.
Ngesikhathi ephendula imibuzo yelungu leDemocratic Alliance (DA) ePhalamende uFrederik Badenhorst, uHlabisa uveze ukuthi ukugxekwa kuyihaba.
“Lapha izinto zithathwa ngokungalingani futhi azidingeki. Le mali isetshenziswe ngendlela efanele ngoba inika umengameli kanye nabo bonke abantu abasesigabeni sikahulumeni ithuba elingandele bani lokuhlangana ukuze bahole izakhamizi ezinkingeni ezehlukene nabantu baveze izikhalo zabo. Kodwa abagxekayo bayohlale bengabagxeki, abasoze basho izinto ezakhayo,” kusho uHlabisa.