Kubanjwe iSocial Crime Prevention Summit namuhlanje eOlive Convention Center eThekwini.
Bekuhlangene zonke izinhlaka ezithintekayo ukubhunga ngodaba lobugebengu kulesifundazwe bese beqhamuka nezisombululo.
Kwezinye zezinto abagxile kuzo kubalwa ukuphazanyiswa kokuqhubeka kokwakhiwa kwezingqala sizinda, udlame olusematekisini, udlame ngokobulili, ukuqiniswa kwezokuphepha kwamakhosi, izinduna kanye namakhansela.
Enkulumeni yoMkhuzi wamaphoyisa kulesifundazwe uLieutenant -General Nhlanhla Mkhwanazi uthe” izigebengu zamanje akusizo lezi ezintshontshayo kodwa zigebengu ezibulalayo ngakhoke angeke babuqede ubugebengu uma bezohlekisana nezigebengu kuzomele baqinise kakhulu futhi uma seziboshiwe kuzomele zithole izigwebo eziqinile kuqedwe nokuthi uma ziboshwa zifike ziphile impilo yokunethezeka emajele”.
Kuvele ukuthi iKwaZulu-Natal ihamba phambili ekubulaweni kwabantu uma iqhathaniswa nezinye izifundazwe.
Sengathithi umuntu Uma enze ubugebengu engevikelwe noma kungenelele osopolitiki abazosatshwa amaphoyisa noma kube nosopolitiki onezwi elingaphezu komthetho.umthetho awuthathe indawo yawo.kwenzeka kanjani umuntu owake wabulala Wabashwa umbone esephethe isibhamu ?
Uuqinisile uMkhwanazi eí ziphila kamnandi iboshwa emajele and nalentoke yokuboshwa kwabantu bokufika kulamajele kululaza lelizwe kfanele meseboshowe umunt ayiswe ezweni lakhe
Uma kungaba njalo bengayeka ukuchachaza kanje abokufika lana ngoba bayazi kwangakubo amajele akudlalwa nesiboshwa.
Ngibingelele kubaholi, cha bengithi okunye okuhluhlukumeza umphakathi wasethekwini Nabantu abasuka emakhaya bezothenga eThekwini ilenkunzi ebanjwa emini kwabha! Abantu bekhona kodwa awusizwamuntu ngoba nabo Abantu basabela imiphefumuloyabo namhlanje kuyisonto ekuseni kubanjwe omunye ubaba wekhaladi la Ku West Street ngase Chiner Mall ehamba noNkosikaziwakhe wathathelwa ifone imali isikhwama akuqhamukanga nelilodwa iphoyisa.baholi bethu siyacela nenze something ngalamaphara agwazabantu ababulale kujike kuthuleke please siyacela sesisaba nokuyothenga ethekwini
Siyabonga ngomsebenzi owenziwa umfoka Spheshula..Kepha inselele enkulu esibhekene nayo eNingizimu Afrika siyizakhamizi khona ukuthi…akukho ukubambisa a okwethembekile nokugcwele phakathi kwaMaphoyisa ,kanye nezinye izinhlaka zikaHulumeni ezibhekene nomsebenzi wokuqinisekisa ukuphepha kwe Zwelethu.
Ngoba onogada basemaJele , kanye nomnyango weZobulungiswa wezamajele, awuziphathi iziboshwa ngedlela eqinile. Esikhundleni saloko iziboshwa sîzithola zenza imikhuba zisemajele ngàko kona lokho.
Iziboshwa soze zaqonda ngqo zashintsha ukuziphatha ngoba emajele zizenzela umathanda ,zibe zinikwa zonke into ezingafanele zinikwa oJele kanye namaphoyisa zona zibe zikhona ngaphakathi ejele.
Akesethembe ukuthi umakuxoxwa ngento ayi implement Phela ngoba ngempela ngempela akusekho ukuphepha ezindaweni zethu Zonke Insuku kuqhuma isbham awubisazi kwenzakalani ezweni