Amaphoyisa aseGaleshewe eKimberley abophe umsolwa wesilisa oneminyaka engu-51 ubudala ngezinsolo zokuthi ubambe intombi yakhe eyidlwengula ephindelela.
Umsolwa kusolakala ukuthi wavalela intombi yakhe, 47, izinsuku ezimbili, wayishaya, wayikhipha izinwele wayidlwengula.
Amaphoyisa athi umsolwa ubhekene necala lokucekela phansi impahla.
Okhulumela amaphoyisa aseNorthern Cape uCherelle Ehlers uthi umsolwa uzovela enkantolo kusasa.
“Kukholakala ukuthi isisulu sabanjwa yisoka laso kusukela ngomhlaka-13 Julayi 2024 kwaze kwaba umhla zili-14 kuJulayi 2024, lapho lisolwa ngokudlwengula laphinde lamshaya. Kukholakala ukuthi umsolwa wamdedela ngomhlaka-14 Julayi 2024. Umgilwa wabe esebikela amaphoyisa ngodaba kwabe sekuvulwa icala,” kusho u-Ehlers.