Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

USHIYE ANGALAZI UJACINTA KWABAMSOLA NGOKUGUDLA UPENNY NTULI KUFACEBOOK

Posted on 23 September 2024

Ushiye angalazi umsakazi weVuma FM kwabamsola ngokuzama ukumxabanisa noPenny Ntuli ngokumgcoba njengomuntu onomona nozama ukuntshontsha ukugqama kukaPenny.

UJacinta MaNgobese Zuma ungene kuFacebook wakhe onabalandeli abangaphezu kuka 300 000 wakhwela wadilika kubantu athi bazama ngayo yonke indlela ukuxabanisa abantu besifazane. Lomsakazi uthi kunabantu abathi ubegudla uPenny Ntuli ngesikhathi ebhala ekhasini lakhe ekhuza abakhuluma izinto ezimbi ngabantu abebevaleleke emgwaqeni owuthela wayeka u-N3 ngesikhathi kulele ungqoqwane ngempelasonto.

Upenny Ntuli ubengabane babantu abebevaleleke kulomgwaqo, kanti ubelokhu etshela abalandeli bakhe ekhasini ukuthi sekwenzakalani. Ngokusho kukaJacinta kwi-Live yakhe uthi abantu bathi ugudle uPenny ngakusho kuFacebook ekhuza abantu ukuthi bengasho izinto ezizokwenza ababambeke kungqoqwane balahle ithemba, “akusimina ngedwa obebhala ekhuza abantu ukuthi bengabhali izinto ezimbi ngababambeke eqhweni, nabanye abafana noMandla Chris noSithembiso Mngoma babhalile ngalokhu kodwa yimina kuphela othola amachaphazelo. Kukhona abantu abahlale befuna abantu besifazane bahlale belwa njalo nje. Mina noPenny siyazana, asazani la kuFacebook kuphela. Sengisebenze naye isikhathi eside, mhlawumbe nicabanga ukuthi ngimazela kuFacebook njengani,” kuthetha lentokazi.

Ube esenxusa abantu abangamthandi nabangahambisani nezinto azibhala ekhasini lakhe ukuthi bamshiye ngokuthula, “Anginankinga mina noma ngingasala nabantu abangu 50 000 kuphela, angizelanga kuFacebook ukuzolandelwa futhi angikaze ngigudle muntu. ngicabanga ukuthi uma umuntu nginenkinga naye ngiyakwazi ukumqonda ngqo. Angithandi futhi ngiyagwema ukulwa nabantu besifazane ngaso sonke isikhathi futhi angifune kuthandwa yini. Uma ngifuna uthando nginabantwana, nginomndeni nomyeni abangithandayo.”

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme