Isikhulu samaphoyisa eKZN uNhlanhla Mkwanazi uthi amaphoyisa azimisele ukubhekana nezigebengu zezingane ezihlukumeza abantu base-Osizweni eNewcastle, enyakatho ye-KZN. Ekhuluma nabezindaba eThekwini ngoLwesihlanu, uMkhwanazi uthe bayaxoxisana noMnyango wezeMfundo nowezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni.
Uthi amanye ala malungu emigulukudu asafunda.
Ngo-2020 owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele wavakashela kule ndawo ngemuva kwempi yamaqembu ezigelekeqe yadlula nemiphefumulo yezinsizwa ezinhlanu.
FUNDA: Kubulawe abasolwa abangu-31 ezigamekweni zokudubulana eKZN kusukela ngo-Ephreli
UMkhwanazi ukholelwa ukuthi amaphoyisa asikho isidingo sokuthi asebenzise amaqhinga aqisayo noma anodlame ekulweni nalolu daba.
“Sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba okwenzeka laphaya futhi kwenzeka ngesikhathi sesikole. Sizokwazi ukukuxazulula lokho ngoba akukubi njengamaqembu ezigebengu asebenzisa izidakamizwa.”