iIKhansela lasemhlumayo uBhekokwakhe Majola ufike nezisebenzi zenkampani yabangcwabi kungazelele muntu emtholampilo izolo ekuseni ehambisela iziguli izinto ezikhala kahle.
Izaguga zase Mhlumayo ezihamba umtholampilo zithi uMajola kumele ayenze zonke izinsuku lento yokufika noncamnce ngoba kwesinye isikhathi zisuka ekhaya zingadlile.
Kanti ukhansela u Majola uthi naye bebungaza usuku luka Dkt. Nelson Mandela yingakho ehambe wayocela Kumasingcwabisane wakwa Mgobhozi Funeral Services ukuthi uphose isandla.
Uthi uyabonga kuwona kanjalo nomphakathi owamukele ngezandla ezifudumele umnikelo wabo nakube bekuyizinto ezincanyana nje zokuthiba indlala okuyizikwa nezithelo kodwa ngoba abantu bakujabulele kusho lukhuku kubona.
Kanti umqodisi wenkampani yabangcwabi uMnuz. Mpendulo Dladla uthi yena bengazi ukuthi isicelo sika Majola sizoba nomphumela omuhle kangaka kubantu base Mhlumayo kodwake sekumele babambisane ukuze luqhubeke lohlelo ngoba ngathi abantu bayaluthakasela..