Abakholwa namanje abafundi base Inkosi Thembela high school kanjalo ne Magcengeza high school ngoxhaso lwamabhayisikili amathathu abaluthole kwi nkampani yase Mnambithi i Durban Ovarol ngosuku lukaMandela.
Esinye sezisebenzi zalenkampani esingesokuzalwa eMatiwane uMnumzane Killer Nkosi uthi ubenanjabulo uma ebona abantwana bangakubo bethola lamabhayisikili.
” Kahle hle mfowethu wothi ngichaze inkampani iDurban ovarol exhasile,
ngafika lapha emsebenzini ukuzofunda ukwakhiwa kwa mabhayisikili. Kwase kwathiwa kuzoxhaswa izindawo esasiphuma kuzo kodwa kumele size sizowalungisa lapha nalaphaya, ngakwenza lokho.
ngatholela abafundi abawu-30 yingakho ke abafundi betholile kulezikole zangakithi Inkosi Thembela High School neMangcengeza High School,” kusho uNkosi
Uthembise ukuthi bazophinde babuye umakukhona okunye okuvelayo.