Abalimi benhlangano Imbaliyetsakane Co-op baseMnambithi endaweni yaseTsakane abawuvali umlomo ngosizo abaluthole kumasipala iAlfredDuma ubalekelela ngezinsiza kusebenza ukuze baqhubeke nomsebenzi wabo njengabalimi.
UMeya Zama Sibisi ehambisana namakhansela kaMaspala namuhla bahambele indawo yaseTsakane ukuyonikezela ngamathuluzi okusebenza kubalimi ukuze kuqhubeke kahle umsebenzi.UMeya uthi inkulu kakhulu indima edlalwa yilolubumbano ekondleni imindeni, ukufundisa izingane kanye nokukhokhela izidingo ezahlukene yikho njengomasipala bethathe isinqumo sokulula isandla basize, ube esegqugquzela amalungu omphakathi ukuthi ahlangane aqale izingadi ezindaweni ahlala kuzo.
Amalunga omphakathi abonge kakhulu usizo abaluthole kuMeya bathi lokhu kuzobalekelela kakhulu ukuqeda indlala nokufundisa abantu abasha indlela okumele bahambe ngayo