Owesilisa owabulala ngesihluku uKarabo Mokoena, 22, ugwetshwe eminye iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngamacala okukhwabanisa.
USandile Mantsoe ulahlwe yicala lokukhwabanisa imali engaphezu kwesigidi samarandi esebenzisa inkampani yakhe, iTrillion Dollar Legacy.
UMantsoe udonsa iminyaka engu-32 ejele ngecala lokubulala uMokoena owayeyintombi yakhe ngaleso sikhathi, washisa isidumbu sakhe.
INkantolo yeMantshi yase-Evander eMpumalanga ithole ukuthi phakathi kuka-Ephreli no-Agasti 2016, uMantsoe ubesebenzisa uhlelo lokutshala izimali, eqola izisulu imali engaphezu kwesigidi samarandi.
UMantsoe, owaphila impilo yobukhazikhazi efulethini laseSandton Skye ngaphambi kokuba aboshwe, ubhekane namacala okukhwabanisa angaphezu kuka-120, ehlanganisa nenkampani yakhe, i-Trillion Dollar Legacy.
Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uDineo Sekgodi: “Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo, kutholakale ukuthi uMantsoe wakhohlisa izisulu ukuthi zitshale imali, ngokubanikeza imininingwane engelona iqiniso mayelana nokutshalwa kwezimali. Izisulu eziyikhulu neshumi nesishiyagalolunye zatshala imali ku-Trillion Dollar Legacy.”
Inkantolo inqume ukuthi isigwebo seminyaka engu-15 sikaMantsoe sizohambisana neminyaka engu-32 ebhadla ejele.