Owesifazane waseThembisa e-Ivory Park kubikwa ukuthi udlise izingane zakhe ezimbili ushevu ngoba ecikwa ukuthi uyise wazo akazondli.
USarah Mahlangu ubhekene necala lokudlisa izingane zakhe ezimbili zashona ngoba ethi ubaba wazo uphansi phezulu namantombazane akhohlwe ukuthi unezingane.
Abesifazane bakuleya ndawo bathi akaboshwe impela lowesifazane ngokwenza isihluku esingaka ebantwaneni.