Kuboshwe inqwaba yabathumbi abangu-14 ezindaweni ezahlukene eGoli ngoMsombuluko, kulandela ukuthunjwa kukasomabhizinisi waseZimbabwe.
Abantu abathathu baseShayina kanye nababili baseMozambique baphakathi kwabathumbi abangu-14 ababoshwe yithimba elilwa nokuthunjwa kwamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS).
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, u-Athlenda Mathe, uthe ngoMsombuluko ntambama, ithimba lakwa-SAPS, lisebenzisana kakhulu nozakwethu abazimele, bathole isisulu siphephile ekhelini elihlonziwe eDiepkloof, eSoweto.
“Bakwazile nokuthungatha abathumbi abayishumi nane ezindaweni ezahlukene, abayisishiyagalombili bokuqala batholakale efulethini eliseGreenstone Park kanti abanye baboshwe eSandton.
OLUNYE UDABA: Kunxuswe umoya opholile njengoba umsolwa wokudlwengula eMthwalume ezovela okokuqala enkantolo
“Imishini eminingi ekhombisa isivinini, isamba semali eyakhishwa ebhange lesisulu, izibhamu ezimbili okuhlanganisa nesibhamu esantshontshwa ngesikhathi kugetshengwa umuzi eLinden ngo-2023, ngezinye zezinto ezathathwa zatholwa kubathumbi. “
UMathe wengeza ngokuthi i-SAPS emasontweni edlule ikwazile ukubamba abathumbi abaningi abaxhumene namaqembu athumba osomabhizinisi befuna izizumbulu zemali.